OLUKHETHEKILE: UZuma watshela inyunyana ukuba impimpe i-Amcu

2016-12-19 10:01

Johannesburg – Abaholi benyunyana yabasebenzi okusolakala ukuthi yasungulelwa ukuba iqoqe ulwazi  ngokuyimfihlo bathi bathola umyalelo ovela kuMengameli Jacob Zuma ukuze baqoqe ulwazi ezinyunyaneni eziyizimbangi ezifana ne-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu).

Lokhu kube ngezinye zezinsolo ezivele kwisimangalo esibhekene noZuma, abanye bongqongqoshe kanye neminyango kahulumeni eNorth Gauteng High Court, ePitoli.

OLUNYE UDABA: EZINTSHA: UZuma nongqongqoshe enkantolo ngenyunyana ‘eyimfihlo’

Omunye wabasunguli bale nyunyana eyasungulwa ngonyaka ka-2014, iWorkers Association Union (WAU), uThebe Maswabi, ufuna ukuhlawulisa uZuma kanye nabanye bongqongqoshe isamba semali engu-R114 million.

UMaswabi uthi wayalelwa ukuba asungule i-WAU ngosizo lwezikhulu zezobonhloli ezisebenza kwi-State Security Agency (SSA). Kodwa-ke imali okusolwa ukuthi wayeyinikwa uZuma kanye nabanye babamangalelwa yavele yanqamuka, nokwashiya uMaswabi ecwile ezikweletini.

Ngokwamaphepha asenkantolo, isikhulu sezobunhloli sahlela umhlangano wokuqala phakathi kwaZuma, uMaswabi kanye namanye amalungu enyunyana ngoSepthemba kunyaka ka-2013. Kusolwa ukuthi lo mhlangano wawubanjelwe ezindlini zoMbuso.

Le mihlangano okusolwa ukuthi yabanjwa, yaba ngemuva nje kwesibhicongo sokubulawa kwabavukuzi ababetelekele amaholo eMarikana, ngonyaka ka-2012.

Kubukeka sengathi umsebenzi omkhulu wale nyunyana entsha kwakungukuthi idale ukungabibikho kozinzo kwi-Amcu.

Okhulumela uMengameli, uBongani Ngqulunga, ubengakayiphenduli imibuzo yeNews24 mayelana nezinsolo zokuthinteka kwaMengameli Zuma kulolu daba. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.