Olume amaphoyisa indlebe ngabanezibhamu eGlebelands useboshiwe

2018-03-26 09:33

eThekwini - Owesilisa ohlala ehostela laseGlebelands owatshela amaphoyisa ngeqoqo elithile eliphatha izibhamu ezingekho emthethweni naye useboshelwe icala elifanayo, kusho amaphoyisa ngeSonto.

"Amaphoyisa asebenzela kuleli hostela laseMlazi abeqaphe isimo ngaphakathi kuleli hostela ngesikhathi ethola umbiko ngeqoqo labantu abebephethe izibhamu,"kusho uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

"Amaphoyisa alusukumele ngokushesha lolo daba asesha laba bantu kodwa kawazange athole lutho."

Amaphoyisa akusolile lokhu obekushiwo wumthombo wawo.

"Ngesikhathi sekuseshwa yena, kutholakale i-38 special revolver esulwe izinombolo.

"Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi uyabandakanyeka emacaleni okubulala nawokuzama ukubulala kuleli hostela,"kuqhubeka uZwane.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa aseLimpopo athungatha abaqhumise iveni yemali

Kutholakale izinhlamvu ezinhlanu kulesi sibhamu kanye nommese.

Ngesikhathi kuseshwa endlini yakhe, kakutholakalanga lutho olusolisayo.

Lo mlisa oneminyaka engu-29 ubudala uzobela phambi kweMantshi yaseMlazi kungekudala.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.