Olwenjabulo lwaphenduka usizi ingane idubuleka ngephutha

2017-01-03 13:01

Durban – Injabulo yaphenduka usizi emzini osendaweni yaseMlazi sekusele imizuzu engu-10 kuhlukaniswe unyaka ngesikhathi kushona umfana oneminyaka engu-12 ubudala.

Lo mfana ogamalakhe nguLindelwa wagodukiswa ngabangani bakhe eseyisidumbu bemuhambisa ekhaya kumama wakhe uZimbili Nyadi ngemuva kokudutshulwa ngephutha yisibhamu esaqhuma kanye kanye nokhilikithi.

"Ma, ngila emgwaqeni, ngizobuya manje," kusho uLindelwa etshela umama wakhe uNyadi, 48, ngesikhathi eyojoyina abangani bakhe beyoqhumisa okhilikithi abathengelwa nguyise, uLindinkosi Nyadi, 47, nodadewbo uThobe.

OLUNYE UDABA:Yinqwaba yabantu abaminze emabhishi ngoNcibijane

Lo mama onezingane ezimbili uthe kwakuyizithuba zabo-23:50 ngesikhathi indodana yakhe iphumile ekhaya elisendaweni yaseMlazi esigcemeni sakwa-L eyogubha uNcibijane.

"Babeqhumisa ukhilikithi nabangani bakhe. Wathi: 'Ma, ngila emgwaqeni'."

UNyadi uthe ngemuva kwesikhashana abafana abane bangena egcekeni bebambisene ngesidumbu saLindelwa.

"Ngabuza ukuthi kwenzekeni njengoba ayekhihla amagwebu emlonyeni. Bathi abazi kwenzekeni. Babeziqhumisela okhilikithi ngesikhathi evele ewa phansi."

Izihllobo zamuthela ngamanzi kodwa wngavuka.

"Bamungenisa ngaphakathi endlini bamulalisa embhedeni. Wayephalaza. Ngabona inxeba elincane ekhanda opha ngathi asimphuthumise esibhedlela."

Ngesikhathi abomndeni befika esibhedlela iPrince Mshyeni Memorial, kwakufanele balindele njenghoba kwakuwubusuku obumatasa kakhulu.

Lo mfana wagcina ebonene nodokotela bathola ukuthi kunenhlamvu ekhanda kwathiwa uzodluliselwa esibhedlela eNkosi Albert Luthuli lapho azokhishwa khona inhlamvu ekhanda.

ULindelwa washonela esibhedlela ngeSonto ebusuku ngezithuba zabo-20:00.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.