Omakadebona boMkhonto we Sizwe bazoduba ingqungquthela ye-ANC

2017-06-06 16:00

Johannesburg – Iqeqebana lamalungu omakadebona bophiko lwezempi lwe-African National Congress (ANC),  Umkhonto we Sizwe (MK) angeke lube yingxenye yengqungquthela yenqubomgomo ye-ANC ezoba ngasekupheleni kukaJuni.

Le ngqungquthela iyisiphazamiso nje esilimazayo, owayeyilungu loMkhonto we Sizwe futhi eyiNhloko yeSANDF, uGeneral Siphiwe Nyanda usho kanjalo eLiliesleaf, eRivonia, ngoLwesibili.

Ikomiti lomkhandlu kazwelonke womakadebona boMkhonto yilona elithathe lesi sinqumo.

Lo mkhandlu wabunjwa ngonyaka ka-2016 yilabo ababengojenene kanye no-commissar boMkhonto ngokunikezwa umyalelo wezepolitiki yiMK Military Veterans' Association (MKMVA), neholwa uKebby Maphatsoe. Awulona uhlaka lwe-ANC olunikwa indawo yalo noma ukumeleleka ngokusemthethweni.

OLUNYE UDABA:AbakwaGupta kubathathe izinyanga ukukhokhela izindleko zomshado 'wezimanga'

“Ikomiti elilawulayo selinqume ukuthi lingazihlanganisi nalutho nengqungquthela yenqumbomgomo ye-ANC,” kusho uNyanda.

Labo makadebona bathi okunalokho kudingeka ingqungquthela yokubonisana ukuze amalungu ezoqhamuka namashu okugwema ukwehlelwa kweqembu ukwesekwa kulandela ukwehla okukhulu okubonakale ngokhetho lohulumeni basekhaya ngomhlaka-3 ku-Agasti, ngonyaka odlule.

I-ANC yalahlekelwa omasipala abakhulu abanga-metro - iGoli, iTshwane, kanye neNelson Mandela Bay - nabagcina bephathwe ngokubambisana amaqembu aholwa yiDemocratic Alliance (DA).

UNyanda uthi ukwenza ingqungquthela yokubonisana ibe yingxenye yengqungquthela yenqubomgomo, njengoba abaholi be-ANC babeka, angeke kuze kuthele zithelo ngoba angeke ikwazi (ingqungquthela) ukuthatha izinqumo.

Ingqungquthela yenqubomgomo ye-ANC ihlelelwe ukuba ibe ngomhlaka-30 kuJuni kuze kube umhlaka-5 kuJulayi. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.