OMaskandi bahlanganyele ndawonye ukulwa nodlame

2017-06-21 16:02

Durban - Abaculi bakaMaskandi bahlanganyele ndawonye ngeculo eligqugquzela ukuthula nokuhloniphana.

Lokhu kwenzeka nje sekube nezidubedube eziningi kulo mculo kodwa okwafika kwaba wuvala wukulimala nokushona kwabathandi balo mculo emcimbini owawuseCurries Fountain, eThekwini, ngomhlaka 29 Ephril.

Laba baculi abadume ngokuba ngabase-East bathi abakwazi ukuhlala basonge izandla bebe beyibona inkinga.

Lokhu, ngokusho kuka-Ali Mube weqembu lama-SAP, kwasilimaza kakhulu isithunzi salo mculo kanye nesithunzi sabo bonke abashayi bengoma.

“Ngingathi-nje ukwenza kwethu le ngoma isinqumo sethu njengabaculi abafisa  ukuthula nokubambisana kulo mculo kamaskandi. Kusizwisa ubuhlungu obukhulu ukulima kwabalandeli bethu emicimbini yomaskandi belimazana bodwa ngenxa yomculo wethu,” kusho uMgube.

Lo mculi uthi akukuhle ukuthi umculo wabo udume njengomculo wabantu abazondanayo nabangafiselani lutho oluhle.

Kuleli culo kuhlanganyele ndawonye abaculi abafana noMgube, uMjikijelwa, uMnikezwa, uJaiva Zimnike, iGcokama Elisha, Abafana bakaMgqumeni, iNdlemnyama, uNgiga kanye noDullas.

UMjikijelwa yena uthi inhloso yabo wukugquguqzela balandeli ukuba bahloniphane.

OLUNYE UDABA:'UMaskandi usufana nemboni yamatekisi kanjalo namaqembu epolitiki'

“Le ngoma siyenze ngenhloso yokukhuza ukuthi abalandeli bomculo babe munye, noma ungamthanda umculi, kodwa musa ukuxabana nabanye abangamthandi,” kusho uMjikijelwa.

Uqhubeke wathi abathandi bomculo kumele bakuqondisise ukuthi lesi yisona sinkwa sabo, ngakhoke ukungezwani, ukungabekezelelani kanye nodlame olwenzekayo lungahle lubaphuce isinkwa uma bengakunqandi kusenesikhathi.

"Abalandeli abakuqonde ukuthi umsebenzi lo kuthina bese kubona indlela okumele bajabule ngayo ngokuchomelana njengabebhola abalandeli kodwa bengalwi futhi lokhu osekujwayele ukwenzeka emcimbini ukuthi abantu abathile uma bengamthandi umculi bamxoshe esiteji.

Lokhu akufanele kwenzeke bekezela nje noma ngabe awumthandi odlalayo kuze kungene omthandayo nawe ngoba ngeke uthande nawe masekuzoxoshwa umculi othandwa uwena. Mina-nje ngithi abalandeli abathandane futhi bajabule ndawonye," kuqhubeka yena.

Ukubambisana kwalaba baculi kubonisa ngokusobala ukuthi bazimisele ngokubuyisa isithunzi sikaMaskandi futhi ngeke bavume kube nokubi okuzongena phakathi kwabo kudale uqhekeko.

UMthandeni osanda kuvakashela emahhovisi ephephandaba iLANGA eyoxolisa kuMthobisi Sithole ngokumhlasela uthi ulithokozele ithuba lokusebenza nalaba baculi.

Ngibone kukuhle ukuba yingxenye yalo msebenzi ngoba ngiyakwazi ukubaluleka kokuzehlisa kubathandi bomculo, izintatheli nakubo bonke abantu abakhona kule mboni,” kusho uMthandeni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day

With an abundance of activities to get involved in, why not lend a hand towards animals in need this Mandela day? Here are some ideas of how you can spend your 67 minutes...

 

Paws

Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Our top picks for doggo post of the week
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.