Omunye futhi owakuleli obanjwe nezidakamizwa emazweni

2017-09-02 11:07

Johannesburg – ISouth African Airways (SAA) isikuqinisekisile ukuthi omunye wabasebenzi bayo ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela e-Australia, ngemuva kokutholakala nezidakamizwa ezikhwameni zakhe.

Kuthiwa lezi zidakamizwa beziyisisindo sika-6kg kanti ngezohlobo lwe-cocaine.

Kukholakala ukuthi lo wesifazane, 32, ubanjwe ngamaphoyisa ase-Australia esikhumulweni sezindiza ePerth kuleli sonto.

Okhulumela i-SAA uTladi Tladi uthe le nkampani izodedela umthetho udlale indawo yawo.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lakuleli 'libanjwe nezidakamizwa eBrazil'

“I-SAA ithanda ukuzwakalisa ukuthi izoyihlonipha ingalo yomthetho yakuleliya lizwe ngaphambi kokuphawula ngalesi sigameko.”

Lesi sigameko silandela esokuboshwa kwephoyisa lesifazane laseNingizimu Afrika ngemuva kokutholakala nezidakamizwa eBrazil.

Leli phoyisa kumanje lisejele kuleliya lizwe.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2015 kwaboshwa iphoyisa lesifazane lakuleli ngezinsolo zokushushumbisa izidakamizwa esikhumulweni sezindiza saseHong Kong.

Ngokubika kweMercury ngaleso sikhathi, uSayitsheni Busisiwe Zungu oneminyaka engu-36 ubudala wayesebenzela esiteshini samaphoyisa esiseThekwini.

Kwabikwa ukuthi wayengaqali ukuya eChina uZungu njengoba wayenebhizinisi lokuthengisa ngezingubo zohlobo oluphambili abuye azozidayisa kuleli.

UZungu kubikwa ukuthi wayesesebenze emaphoyiseni iminyaka engu-11 kanti futhi wayengumqondisi wenkampani Impunga Holdings. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.