Omunye umdlali wePSL 'ogoloza' ukujima, kuthiwa ufuna ukuhamba ngenkani

2017-07-20 11:03

Johhanesburg – Izindaba ezivela esifundazweni saseLimpompo zithi umdlali wasemuva wePolokwane City, uyanqaba ukuzibandakanya nokuziqeqesha kwekilabhu njengoba kuthiwa uzama ukuphoqela ukuthi ahambe, kubika iKickOff.com.

Ngokusho komthombo osondelene kakhulu noTema, lo mdlali ufike enkundleni okujimela kuyo iRise and Shine, kodwa wazihlalela eceleni ebukela ozakwabo bematasa nokuziqeqesha.

OLUNYE UDABA: Umdlali weSundowns usejoyine iqembu elisha laseKZN

“Yena [uTema] useyekile ukuziqeqesha, ufuna ukushiya kodwa ikilabhu isafuna ukumgcina,” umthombo utshele iKickOff.com.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi uyanqaba ukuziqeqesha. Uyena onqaba ukuziqeqesha. “Akuve kuwukuthi ikilabhu imvalela ngaphandle ekuziqeqesheni. Uyeza ejimini kodwa ukuzobuka kuphela abanye abadlali beziqeqesha.”

Akucaci ukuthi inkontileka kaTema izoze iphele nini, njengoba ngaphambili asayina inkontileka nePolokwane ngonyaka ka-2012.

IKickOff.com izamile ukuthinta umqeqeshi weqembu, uBernard Molekwa, kanjalo noSihlalo wekilabhu, uJohnny Mogaladi, yize noma bengatholakalanga ukuba baphawule. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.