Omunye usaziwayo usethathe indawo kaBonang kuMetro FM

2017-04-04 12:36

Johannesburg – Umethuli wezinhlelo kumabonakude, uDineo Ranaka, uyena osevale isikhala sikaBonang Matheba kuMetro FM.

ICity Press ithole ngemithombo yayo ukuthi uRanaka – owayengumsakazi weYFM kanye ne—5FM – usezojoyina uLerato Kganyago kanye noQuinton Masina, odume ngelika-“Naked DJ”, kusukela ngoLwesibili ohlelweni iThe Front Row, oluqala ngo-10am kuya ku-12:00pm. URanaka uzwakale okokuqala kulolu hlelo ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Useyilaxazile iMetro FM uBonang, ubonakale esiteshini esisha

Kubikwa ukuthi uBonang usule isigubhukane kuMetro FM ngoMsombuluko ngemuva kohlelo. Ezinkundleni zokuxhumana uzwakalise ukungenami ngokutshelwa ngomzuzu wokugcina ukuthi kuzoba nezinguquko ohlelweni lwakhe, okubalwa kuzo ukufakwa noKganyago, okuke kwaba nezinsolo zokuthi abahoshelani naye.

UKganyago ubekade eshayela uhlelo lwantambama, iThe Drive, noMoeti “Mo Flava” Tsiki kanti uye wamjoyina uMatheba ohlelweni lokuqala ngoMsombuluko.

Kodwa-ke, ngemuva kohlelo, uMatheba uthuse abaningi ngesikhathi ememezela ukusula kwakhe kuMetro FM ngemuva kweminyaka emithathu esohlelweni.

Kuphinde kwavela nezindaba zokuthi uBonang ube esebonakala ngoMsombuluko ntambama emahhovisi esiteshi esisha, iTouch HD, nesiphethwe ngomunye wabasakazi ababengaconsi phansi kuMetro FM, uTbo Touch.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.