Ona-13 'ugwaze wabulala umngani kulandela ingxabano kudlalwa'

2017-01-24 14:30

Cape Town - Uthweswe icala lokubulala umngani wakhe umfana oneminyaka engu-13 ubudala eKapa.

Lo mfana uvele eNkantolo yeMantshi yase-Athlone ngoMsombuluko ngezinsolo zokugwaza umfana oneminyaka engu-16 ubudala eNew Rest, eCrossroads.

OLUNYE UDABA: Umfana ugwaze omunye esikoleni eMusina

"Laba bobabili baxabane ngesikhathi bedlala," kusho okhulumela amaphoyisa uConstable Noloyiso Rwexana.

"Kukholakala ukuthi umsolwa uhambile wayo landa ummese endaweni engaziwa wabuya wagwaza umufi. Umufi uphuthunyiswe esibhedlela kodwa ngeshwa washona ngemuva kwesikhashana."

URwexana uthe umfana, 13, uboshwe ngoMsombuluko ekuseni eCrossroads.

 - The Times

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.