Ona-53 ukhumule wanqunu obesolwa ngokweba izicathulo esitolo

2016-07-05 16:01

Johannesburg - Owesifazane oneminyaka engu-53 ubudala kusolwa ukuthi uphoqwe umuntu osebenza esitolo sezingubo zokugqoka ukuba akhulume abenqunu ngezinsolo zokweba izicathula.

Lo wesifazane uthe uhlazekile ngemuva kokukhokhela izimpahla zokugqoka zemali engu-R1 500 abezithengela indodakazi yakhe esitolo iThe Fix esaziwa ngoFasshion Express enxanxathela yezitolo iWestgate eRoodepoort ngomhlaka-25 Juni.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe owebe i-KFC nomsakazo emotweni ekapa

ULettia Mokoena uthe umiswe ngomunye wabasebenzi besitolo obemsola ngokweba.

"Uthe ngebe izicathulo. Ngavuma ukuba angiseshe wase engiholela egumbini lokulinganisa izingubo," usho njalo.

UMokoena uthe ucelwe ukuba akhumule impahla abeyigqokile asale ngesudi yesele.

"Wathi angikhumule ilokwe lami, i-tight nedilozi ekhuluma kabi nami. Ethi yena uyawazi umsebenzi wakhe wakufundiswa kahle akwenzayo,"usho njalo.

UMokoena uphinde wathi  akugcinanga lapho njengoba ephinde wathi akakhumule nokokusubela(pad) njengoba ebesesikhathini.

"Wathi angiyikhiphe nayo, ngavele ngama  ngamubuka. Ngahlanganisa amathanga ukuze ingeke iwe phansi. Wangihlukanisa amathanga ngezandla zakhe wangathola luthi, wase ethi sengingakhululeka."

Imenenja yesitolo uNono Keabaitsi uthe ukukhumulisa amakhasimende asolwa ngokweba akusiyo ingxenye yomgomo wabo.

"Akwenzile akulungile. Ngizamile ukuxolisa kwikhasimende lethu ngesikhathi lifika nendodakazi yalo lizofaka isikhalo kodwa belingezwa lutho njengoba belithukuthele," kusho uKeabaitsi.

"Ngizolulandela udaba nabaphathi abakhulu ukuze ngizothola ukuthi kungani engazithatha izinyathelo.

UMokoena uthe lo wesifazane nabesitolo abazange batshengise ukuzisola.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe eGauteng uLieutenant-Colonel Dlamini akahambisananga anamaphoyisa wathi udaba luzophenywa, kubika iSowetanLive.

"Amaphoyisa akufanele anqabe ukuvula icala. Isisulu sifanele ukukhala kumphathi wesiteshi omkhulu, kanti uma kutholakala ukuthi amalungu awubalekele umsebenzi, kuzophenywa icala lokungaziphathi kahle."

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.