Ongaqonywanga eshela wakhetha ukuyibamba inkunzi intombi

2017-02-06 18:01

Cape Town - Amaphoyisa ase-Eastern Cape abophe owesilisa okuzwakale ukuthi wabamba owesifazane inkunzi ngemuva kokuchithwa eshela.

Amaphoyisa aseNgqamakwe abophe owesilisa oneminyaka engu-25 ubudala ngemuva kokubanjwa ngamalungu omphakathi.

OLUNYE UDABA: Ufuna intombi nto umfundisi oyinsizwa nsi

"Kusolwa ukuthi owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala wayehamba esuka esigodini sakwaNdenze ebheke kwesaseNtabeni khona e-Eastern Cape ngoMgqibelo ngezithuba zabo-14:00.

"Ngesikhathi esedlula ngasehlathini wahlangana nowesilisa angamazi," kusho uCaptain Jackson Manatha, okhulumela amaphoyisa.

"Lo wesilisa wamisa lo wesifazane, emeshela. Isicelo salo wesilisa sangaphumelela wabe esecasuka wabamba lo wesifazane inkunzi, wamphuca iselula nemadlana ayeyiphethe," enaba.

Izakhamuzi zambamba umsolwa zase zimnikela emaphoyiseni.

"Umsolwa waboshwa wathweswa icala lokubamba inkunzi. Kwatholakala iselula nemali."

 - Daily Voice

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.