Ongenawo umazisi usola uMnyango wezaseKhaya ngalokhu

2017-09-15 14:01

Johannesburg - Owesilisa ogama lakhe nguMzwakhe Nyembe, 33, waseTembisa, eKurhuleni ongenawo umazisi uthi akakwazi ukuphila impilo ejwayelekile. 

Inkinga kaNyembe yaqala ngo-2003 ngesikhathi ebhalisela umazisi - kodwa ngesikhathi eseyowulanda abasemahhovisi bamtshela ukuthi udukile.

UNyembe usephindele kaningi eMnyangweni wezaseKhaya eyobhalisa kabusha kodwa ugcine ungaphumanga.

OLUNYE UDABA:Usencamela ukufa ongenawo umazisi

Kuthe ngo-2013 wathuka isimanga esebhalisela umazisi wakhe kuMnyango wezaseKhaya eGermiston, lapho atshelwa khona kuthi imininingwane ekwikhompyutha ngeyakhe impela kodwa ihambisana nesithombe senye indoda.

UNyembe uthi uselahlekelwe wumsebenzi ngoba akakwazi ukuyovula i-akhawunti azohola ngayo ebhange.

Uthe akakwazi ukubhalisela omunye umazi kanti lokhu kumenza azizwe engesiso isakhamuzi saseNingizimu Afrika.

Njengamanje akaqashiwe ndawo futhi ngaphandle kwamazisi uthi uyefana nomuntu ofile.

Okhulumela uMnyango, uThabo Mokgalo, uthe imenenja yaseGauteng izoxhumana noNyembe ukuxazulula lolu daba maduze.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.