Onogada babaleke bazikhiyela egumbini labo kuqhunyiswa i-ATM

2017-08-29 07:04

Soshanguve - Kuqhunyiswe i-ATM ngebhomu elokishini eSoshanguve ngezintatha zangoMsombuluko, abasolwa babaleka nesamba semali.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Stephen Maluleka uthe abasolwa abathathu abebehlomile badudule onogada enxanxatheleni yezitolo iBatho Plaza esigcemeni sakwa-KK.

“Onogada bezwe kuqhuma isibhamu ngaphandle babaleka bayozikhiyela egumbini labo. Izigebengu zigqekeze umnyango waleli gumbi babopha onogada izandla babashiya lapho,” kusho uMaluleka.

Laba basolwa baqhumise i-ATM yakwaCapitec, kubika iphephandaba lomphakathi iRekord North.

OLUNYE UDABA:Isale iyizicucu i-ATM yakwa-Absa iqhunyiswa eGoli

Onogada bezwe kuqhuma kwasho nenganono.

“Abasolwa babaleke nesamba semali engaziwa kule–ATM kanti indawo isale igcwele izinhlamvu," esho.

Onogada basizwe ngamaphoyisa ezohlola okwenzekile, ase eyabakhulula.

Akukaboshwa muntu kulokhu kanti uphenyo lusaqhubeka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.