Ophrojusa boZalo bayaziphendulela kulandela ukuqubuka komsindo

2016-07-11 17:30

Cape Town – Omunye wophrojusa boZalo uKobedi "Pepsi" Pokane uthi ukuholelwa kwabo yi-SABC u-R14 000 ngomzuzu akuyona into entsha, wathi yinani elejwayelekile leli kulo mkhakha.

Iphephandaba iSunday Times libike ukuthi i-SABC iqinisekisile ukuthi isikhulu salo msakazeli uHlaudi Motsoeneng uguqule isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yoZalo.

Kuthiwa lo mdlalo usinikezwe yi-SABC imali engu-R167 million ukuba iqhubeke nokukhonjiswa.

Lo mdlalo ongaconsi phansi kwabaningi, omunye wophrojusa bawo yindodakazi kaMengameli Jacob Zuma, uGugu Zuma-Ncube.

Kuthiwa uMotsoeneng usishaye indiva isinqumo esathathwa yikomidi le-SABC sokuthi lo mdlalo ungavuselelwa.

OLUNYE UDABA: UZalo lusaqhubeka nokuziqwaqwada emakhanda ezinye izinhlelo

UZalo luhamba phambili ngababukeli kumabonakude kuleli.

UPokane uthe akaqondi ukuthi kungani kwenziwa umsindo ngokuthi uZalo luzothola u-R14 000.

UZuma-Ncube ube esebabela enkundleni yezokuxhumana uTwitter wathi akuyona into efihlwayo ukuthi uZalo lwaqopha umlando ngababukeli abaningi, ngakho akazi ukuthi umsindo ngowani.

Uthe futhi abantu abangayiyamanisi nokuthi uyindodakazi kamengameli wezwe eyokuvuselelwa kwenkontileka yoZalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.