Osanda kusayinwa yiSundowns uzoyizwa ngendaba iChampions League

2017-08-16 12:29

Cape Town – Unozinti weMamelodi Sundowns osanda kusayinwa yilelii qembu, uRazak Brimah, akazange abhaliswe ngesikhathi ukuze asize leli qembu livikele isicoco salo seCAF Champions League.

Lo nozinti odlalela iqembu lesizwe eGhana wasayinwa yiSundowns ngaphambilini kule nyanga ngemuva kokuthi leli qembu lashiywa uWayne Sandilands, owagcina esayinwe yi-Orlando Pirates.

Kodwa-ke iSundowns ayikwazanga ukumtholela amaphepha amkhululayo (International Transfer Certificate) ukuthi adlale imidlalo yamazwe ngaphambi komnqamulajuqu weCAF wangoLwesihlanu olwedlule, umqeqeshi waleli qembu uPitso Mosimane uye wakuqinisekisa lokhu.

Okunalokho, sekwengezwe uThela Ngobeni esikwatini ukuze ezolekelela uDenis Onyango kanye noKennedy Mweene.

“I-ITC (International Transfer Certificate) yafika kamuva, ngakho uRazak akabhalisiwe [ukuze adlale] kwiChampions League. Ngakho uzosiza uDenis (Onyango) ohlelweni [lwemidlalo] yasekhaya,” uMosimane utshele abezindaba.

OLUNYE UDABA: UMosimane uthi iSundowns izosibuyisa isicoco seligi

“SinoThela ngoba asikwazi ukuhamba (nonozinti) ababili.”

Lo mqeqeshi owayeqeqesha iBafana Bafana uvumile ukuthi iqembu lakhe ulibophele noma lizacile ngemuva kokulahlekelwa abadlali abambalwa.

“UWayne Sandilands wangilaxaza ngosuku esasihamba ngalo [siyodlala] ne-Esperance. Wathi ‘angihambi, ngiyalishiya iqembu’. UTeko (Modise) wangilaxaza ngosuku esasihamba ngalo siya e-Ethiopia. Asizange simlaxaze uTeko, uyena owasishiya. Sinabadlali abangu-20 kuphela (kwiChampions League).”

AmaBrazilians kulindeleke ukuthi atholane phezulu neWydad Casablanca emdlalweni wasekhaya kanye nowangaphandle maphakathi noSepthemba, nalapho ozonqoba kulowo mzuliswano ezodlulela kumzuliswano owandulela owamanqamu (semi-finals).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.