Osaziwayo abadumile nezithombe ezishuthwe benqunu kwiphephabhuku

2017-06-27 14:00

ISEXWAYISO: NSFW

Cape Town – Umlingisi wakuleli, uNomzamo Mbatha, uthathwe isithombe enqunu esisekhasini elingaphandle (cover page) kwiphephephabhuku iMarie Claire.

Lolu shicilelo lwaleli phephabhuku losaziwayo abanqunu kuyimanje luyatholakala ezitolo kanti bonke osaziwayo bakuleli abakulona bafaka uhlu lwezinhlangano zabo ezinakekela abahlwempu abazithandayo ezinikelelwayo eduze nesithombe sabo benqunu.

Okokuqala ngqa kulo nyaka, iMarie Claire, ishaya indali yalezi zithombe zosaziwayo, kanti yonke inzuzo izoya ezinhlanganweni ezinakekela abahlwempu zosaziwayo. Lo mcimbi okhethekile uzoba seMarie Claire, eGoli, ngoLwesine, mhlaka-13 Julayi 2017.

OLUNYE UDABA: Buka: Uhamba nqunu uBuhle Mkhize

“Kulo nyaka iMarie Claire yenze ngendlela ethanda ukuhluka kuneminyaka edlule – eminyakeni eyedlule, umkhankaso wonke wawuzinikele enhlanganweni eyodwa, ngo-2017 osaziwayo bethu ngamunye ulekelela inhlangano eyodwa noma umkhankaso othile – into eseduze nenhliziyo yabo, abanemizwa eqinile ngayo, okungaba ezemfundo, amalungelo abathandana nabobulili obuhlukile, inhlalakahle yezilwane kanye namalungelo abesifazane,” kusho uLynette Botha, oyiFeatures Editor yeMarie Claire esitatimendeni esithunyelelwe abazindaba.

Phakathi kwabanye bosaziwayo abatholakala kuleli bhuku benqunu kubalwa nomlingisi uThando Thabete, uMoonchild Sanelly, uLady Skollie kanye no-K Naomi.

ZIBONELE LEZI ZITHOMBE NGEZANSI: ISEXWAYISO: NSFW

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.