Osaziwayo bakuleli abahlanu bamenywe emcimbini waphesheya

2018-03-06 11:00

Cape Town – Bahlanu kuphela osaziwayo bakuleli abamenyelwe emcimbini okhethekile oseHollywood.

Lo mcimbi owaziwa nge-African Getdown uzobanjelwa e-Elyx House eHollywood, kanti uzobe wethulwa ngumculi waphesheya othandwa kakhulu umhlaba wonke, uCommon.

Osaziwayo bakuleli abazobe bekhona kubalwa uHeavy-K, u-Anatii noDa LES, kanye nabethuli bezinhlelo uLuthando "Loot Love" Shosha no-Ayanda Thabethe.

Kulo mcimbi kuya abamenyiwe kuphela kanti ubungaza impumelelo yefilimi exuba amasiko nomlando wezwekazi i-Afrika i-Black Panther, njengoba necwecwe layo lenziwe ngokuhlanganyela kwabaculi baseMelika kanye nabase-Afrika.

OLUNYE UDABA:Osaziwayo bafisele umrepha ukululama okusheshayo

“I-Elyx House yindawo ephatha imicimbi yabaculi abahamba phambili emhlabeni wonke jikelele futhi yeseka ubuciko bama-Afrikana ngokubanika ithuba lokuba bagqame kwezikaqedisizungu emhlabeni wonke jikelele,” kusho u-Iris Le Berg, oyiGlobal Marketing Manager enkampanini i-The Absolut Company.

Umhleli mcimbi uDavin Phillips weCelebrity Services Africa yena uthe: “Sifuna ukuletha ubuchule base-Afrika ngenhloso yokwakha amathuba okusebenza ngokubambisana phakathi kwabaculi nophrojusa baseMelika kanye nabase-Afrika, sivule amaxhama okuxhumana phakathi kwala mazwekazi womabili.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.