Osebenza e-car wash ushaye wachitha nemoto yekhasimende

2018-04-06 19:30

eWelkom - Uhlangabezane nabengakulindele owesimame oneminyaka engu-37 ubudala ohambise imoto yakhe yohlobo lwe-VW Golf 7 e-car wash eWelkom ngoMsombuluko.

Ngesikhathi eseyoyilanda imoto ushaqeke kabi ebona sekuvaliwe e-car wash yaseSt Helena nemoto yakhe ingekho.

Le ntokazi iphuthume esiteshini samaphoyisa ukuyobika ngalolu daba.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ababili ngokugebenga abantu ku-N2

Okhulumela amaphoyisa akule ndawo uKaputeni Stephen Thakeng uthe uSergeant Rabete Rabete kanye noConstable Elias Khumalo yibona ababesebenza ngesikhathi kubikwa ngalolu daba.

"Lo wesimame wafika emaphoyiseni ngabo-13:30 ezobika ngokwebiwa kwemoto yakhe e-car wash esemgwaqeni u-Othello," kusho yena.

Lo wesimame utshele amaphoyisa ukuthi izikhiye zemoto wazishiya nomfana osebenzayo kodwa uma esebuyela kule ndawo eyolanda imoto wafika itshe selome inhlama.

UThakeni uthi kwavulwa icala lokweba kanti amaphoyisa asebenza ubusuku nemini ecinga le moto.

“Uphenyo lwamaphoyisa lwawaholela ekubanjweni komsolwa oneminyaka engu-29 ubudala," esho.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.