Osezishintshe ubulili ufuna umazisi omusha

2017-08-15 19:29

Botswana - Owesimame waseBotswana ufuna ukubophisa uhulumeni wakubo ngoba ethi uyenqaba ukumshintshela umazisi wakhe.

Lo wesimame wazalwa engumfana kanti kumazisi unguTshepo Ricki Kgositau, 30. Uthi aboMnyango wezaseKhaya abafuni ukushintsha umazisi bawuguqulele ekutheni utshengise ukuthi ubulili bakhe sebushintshile.

Ngokubika kwephephandaba i-The Monitor, iNkantolo eNkulu yaseGaborone ilalele icala lalo wesifazane osola uhulumeni ngokwephula amalungelo akhe kanye nokumcwasa ngokobulili.

OLUNYE UDABA:Ujikiswe esikhungweni sokuvota uMbete engawuphethe umazisi

UKgositau uzinze eKapa nokuyilapho esebenza khona nenhlangano elwela amalungela abantu abanobulili obuguquliwe, i-Gender DynamiX.

Uthi wazibona esemncane ukuthi akayena umfana futhi wayezizwa ukuthi usemzimbeni okungewona owakhe ngokweqiniso.

Uthi wabona eseqala ukuhlakanipha ukuthi empeleni akayona intombazane ngoba abazali bakhe babemgqokisa okomfana kodwa futhi wayazi ukuthi akakuthandi lokhu.

Kwathi esemdala wathatha isinqumo sokuzishintsha ubulili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.