Oshade nosomahlaya uthi ingamanga eyokuthi bayadivosa

2017-01-24 19:29

Johannesburg - Unkosikazi kasomahlaya wakuleli uTrevor Gumbi, uLucille, usewaphebezile amahlebezi athi yena nomyeni wakhe bayadivosa.

Ngokusho komthombo uLucille noTrevor bayeka ukufaka izindandatho zabo zomshado sekuyophela unyaka ka-2016.

UTrevor noLucille banezingane ezimbili uJamie noJodie.

OLUNYE UDABA:Sekuvele ukuthi usomahlaya wamithisa ngaphandle

Yize isizathu sokuhlukana kwabo singacaci, lezi zithandani sezithathe isinqumo sokuthi zidivose ngaphandle kokuxabana ngoba zenzela izingane zazo.

Laba kuvele ukuthi bayadivosa ngoba uTrevor ukhulelise umakhwapheni.

"ULucille usegxile ekuzinakeni yena, usejima kakhulu manje ukuze anakekele umzimba wakhe, ukuba wumama oqotho nokuba ngusomabhizinisi," kusho umthombo.

Lo mthombo uthe uLucille wachitha ubusuku obandulele unyaka omusha ngaphandle kwezingane zakhe nomyeni wakhe okokuqala ngqa eminyakeni engu-11.

ULucille uluchithile udaba lwedivosi.

"Mina noTrevor asidivosi. Njengamanje silungisa izinkinga zethu zomshado," echaza.

ULucille ukucacisile ukuthi banezinkinga njengazo zonke izithandani kodwa lezi zinkinga bayazilungisa.

ULucille uqhube ngokuthi yena noTrevor bazogxila ekukhuliseni inkampani yabo, iGumbi Productions, ukuphila impilo enhle futhi egcwele injabulo.

IGumbi Productions iphethe izihlabani okubalwa kuzo u-Ayanda Thabethe, uCeleste Ntuli no-Andile.

 - Drum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.