Oshayasibhamu abahlanu bagasele emzini oseLa Lucia

2018-04-10 16:01

Durban - Amadoda amahlanu abehlomile agasele emzini oseLa Lucia ngoLwesibili ekuseni babaleka nemoto kanye nezinye izinto.

UKyle van Reenen, weMarshall Security, uthi imibiko iveza ukuthi ekuseni ngo-6 ngoLwesibili amadoda amahlanu angene kulo muzi ngokuvimbezela isisebenza basiphoqa ukuba sibavulele.

Umnikazi womuzi ubekhona ngesikhathi kwenzeka lokhu, yena kanye nezisebenzi zakhe bavalelwe kwelinye igumbi.

OLUNYE UDABA:Uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza oshayiswe yimoto ku-N2 e-KZN

"Umsolwa oyedwa ubeqaphe isimo ngesikhathi abanye bezitapela kwizinto ezifana nama-tv, ama-laptop kanye nobucwebe futhi babaleka nangemoto.

Imoto eyebiwi yiNissan Juke esiliva ngokombala, kanti yona itholakale elokishini laseNanda ngoba ibine-tracker,"kusho uVan Reenen.

Uthe bonke abasolwa basagcwele izinkalo kodwa lolu daba selubikiwe emaphoyeni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.