Oshayasibhamu bahlasela babulala utolika emzini wakhe ePitoli

2018-02-23 12:30

eGoli -  Usuku luqale njengokujwayelekile ngoMsombuluko, kodwa lwaphetha kabi sekuphume isidumbu emzini oseSoshanguve.

Lokhu kulandela ukuthi oshayasibhamu abangaziwa bagasele emzini bavulela ngenhlamvu kowesimame oneminyaka engu-54 ubudala.

Kuthiwa lo mama osebenza njengotolika eNkantolo kaMantshi ePretoria North ubelungiselela indodana yakhe izinto zesikole ngesikhathi ehlaselwa.

OLUNYE UDABA:Alokhu angene njalo awenduduzo ngomculi wakuleli oshonele ebhavini

Lo mama ohlala ku-Block R eSoshanguve, udutshulwe ebusweni kanye nasesifubeni.

Uphuthunyiswe esibhedlela iBotshilu Private Hospital nokuyilapho efike washonela khona.

Omakhelwane bakhe bamchaze njengomuntu onomusa obenza konke okusemandleni ukusiza abaswele.

Bathi bacabanga ukuthi imbangela yokuhlaselwa kwakhe imayelana nomsebenzi awenzayo.

Okhulumela amaphoyisa aseRietgat uCaptain Stephen Maluleka uthe abasolwa babaleke ngezinyawo.

"Imbangela yokuhlaselwa kwakhe kayaziwa okwamanje kodwa amaphoyisa aphenya icala lokubulala," esho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.