Oshayasibhamu bavulele ngenganono bebhekise emotweni enengane phakathi

2018-03-28 18:01

Johannesburg - Ithole inxeba lokudutshulwa emlenzeni indoda ngesikhathi izigebengu zivulela ngenganono zibhekise emotweni, ebihamba ngayo nonkosikazi wayo kanye nengane yayo eneminyaka emibili ubudala kuMain Reef Road emjondolo yase-Angelo, eBoksburg ngomhlaka-23 Mashi, kubika i-Advertiser.

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa aseBoksburg uSergeant Cebisa Maseko, amaphoyisa abeqhuba umsebenzi endaweni abone imoto yesisulu ipake eceleni komgwaqo ahamba ayobheka ukuthi kuqhubekani.

"Unkosikazi wale ndoda etshele amaphoyisa ukuthi umyeni wakhe udutshulwe amadoda amathathu emlenzeni maqede eba impahla okubalwa kuyo amaselula, imali nokhiye bemoto," kusho uMaseko.

Umyeni walo wesifazane uphuthunyiswe esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Oshayasibhamu babulale abazalwane abangu-14

Khonamanjalo kwesinye isigameko, owesilisa udunwe imoto yohlobo lwe-Volkswagen Golf ngaphandle kwaseKingfisher Avenue eSunward Park ngomhlaka-20 Mashi.

Isisulu satshela amaphoyisa ukuthi la madoda, afika kuso abuza indlela ebheke esibhedlela esiseduzane.

Ngesikhathi sisawachazela, enye yawo yasikhiphela isibhamu.

La madoda abe esengena emotweni aphoqa le ndoda ukuba ishayele imoto iyibhekise emijondolo engaziwa lapho eyafika khona yathatha amanye amadoda amabili.

Kwasukwa lapho kwahanjwa kwaze kwafikwa ku-103 Heidel Road, lapho abayehlisa khona abasolwa bona banyamalala nemoto.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.