Oshumpule unkosikazi isandla emsola ngokuba yinyumba nguye onenkinga

2016-08-02 17:31

Nairobi - Indoda yaseKenya eshumpule isandla sonkosikazi yayo ngocelemba ngoba ubengayitholi ingane kufanele ijeze ukuze kuzophela ngodlame lwasekhaya oselubhebhetheke eKenya, kusho isishoshovu samalungelo abantu besifazane ngoLwesibili.

UStephen Ngila waseMachakos County eningizimi neKenya uboshwe izolo bngecala lokuzama ukubualal kulandela ukuhlasela umkakhe uJackline Mwende emasontweni amabili adlule, lokhu kungokusho kwenhlangano yamalungelo abantu besifazane i-Equality Now.

OLUNYE UDABA: Owesifazane oyi-albino ushumpulwe isandla ehlaselwa

"Lesi isigameko esishaqisayo eKenya nakuba udlame lwasekhaya ludlangile," kusho owenhlangano uNaitore Nyamu etshela iThomson Reuters Foundation ocingweni eseNairobi.

UNgila wasika isandla somkakhe wase esishumpula ngocelemba ngemuva kokungaboni ngaso linye mayelana nodaba lokungakhulelwa komkakhe eminyakeni engu-7 beshadile, kusho abezindaba.

Le ndoda, 34, itshele uMwende ukuthi 'namuhla olwamanqamu' ngaphambi kokumhlasela, kusho iphephandaba iDaily Nation.

UMwende uthe kwamthusa ukuhlaselwa ngesikhathi odokotela betshela lezi zithandani ukuthi engakwazi ukuthola abantwana kanti uNgila nguye ongenamandla.

Abe-Fideration of Women Lawyers eNairobi bathe uNgila kufanele aphenywe ashushiswe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.