Osolwa ngokubulala iphoyisa utholakale edindilizile

2017-08-05 09:13

Mpumalanga - Owesilisa osolwa ngokubandakanyeka ekubulaweni kuka-Sgt Florah Jiana, owayesebenzela uphiko lwe-Vehicle Crime Investigation Unit kwaMhlanga, utholakale edindilizile.

Isidumbu sikaHappy Ndinisa sitholakale emotweni yalo iphoyisa elibulewe.

Lesi sidumbu sitholakale ngoLwesihlanu sinenxeba lokudutshulwa emzimbeni.

OLUNYE UDABA:Udedelwe ngebheyili umama 'oshaye wabulala' usana lwakhe

Amaphoyisa athi le moto ibonwe abelusi bezinkomo ehlathini eliseVerena-Dennilton Road.

Ngokubika kwephephandaba iMpumalanga News, kutholakale isibhamu sikaJiane kule moto.

UJiana watholakala enenxeba lokudutshulwa ngoLwesithathu endaweni yaseVlaklaagte, ngaseKwaggafontein ngemuva kokuthi uphathina wakhe emsebenzini abikelwe ngokudutshulwa kwakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.