Osolwa ngokubulala kuthiwa wathengela amaphoyisa iKFC ukuze adedelwe

2017-09-20 16:01

Limpopo - UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula usekhiphe umyalelo wokuba kuphenywe ngendlela okwaphathwa ngayo icala lokubulala lapho abaseshi bancenga khona umsolwa ukuba azizele esiteshini.

Okhulumela uNgqongqoshe uVuyo Mhaga ukuqinisekisile ukuthi uNgqongqoshe uthole izikhalazo kulandela umbiko owakhishwa ephepheni iSunday World emasontweni amathathu adlule.

“UNgqongqoshe ukhathazekile ngezinsolo ezibhekiswe emaphoyiseni ngendlela aliphathe ngayo leli cala. Usekhiphe umyalelo wokuba kuphenywe indlela ebeliphethwe ngayo leli cala,” kusho uMhanga.

Lo msolwa uyafunwa ukuze aphekwe ngemibuzo ngokushona kwentombi yakhe u-Itumeleng Beetha, eyashona ezinyangeni ezimbili ezedlule.

UBeetha watholwa womakhelwane bakhe ebulewe washishwa kangangokuba wayengasabonakali ukuthi ungubani ngesikhathi etholakala ekhaya kubo eGaMaraba.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa acele osolwa ngokubulala ukuba afike esiteshini

Umndeni kamufi ube nezikhalazo ngokuthi umsolwa uyaqhubeka nokusebenzisa ucingo lwale ntokazi futhi ubathumela imilayezo ngalo ebasabisa ukuthi abaluyeke lolu daba.

Eminye yale milayezo ebonwe ngabephephandaba, umuntu oyibhalile uthi unayo yonke imali ngakho-ke ngeke abanjwe.

“Ningahamba nigcine lapho enithanda khona, kodwa kukhuluma imali. Ungenza okukujabulisayo, kodwa kungekudala uzobe ukhala futhi,” kusho umlayezo.

Udadewabo kamufi uMaggie uthi umsolwa walutha amaphoyisa ngebhakede le-KFC.

“Sathola ucingo kwelinye lamaphoyisa lisitshela ukuthi umsolwa usesiteshini, ulethele amaphoyisa amabhakede amabili enyama yakwa-KFC,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.