Osolwa ngokujola nesoka lomuntu ugxokogxwe 'inkomo' ngenduku

2017-02-03 14:30

Johannesburg - Owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala wabanjwa, wakhunyulwa, kwathathwa ivideo wase engenelwa ngesibhaxu ngezinsolo zokuzibandakanya ocansini nesoka lomuntu.

Kodwa isisulu siyaziphika izinsolo, kanjalo nesoka.

Nakuba kunjalo lokho akuzange kuze kumnqande uPrecious Mabuza ekushayeni uThandeka Sithole phambi kwesigodi sonke saseLangeloop, eMpumalanga.

OLUNYE UDABA: Uthi wahamba wayothwasa wabuya isoka seliqonyiwe

Kule video eyimizuzu eyisikhombisa, esabalale ezinkundleni zokuxhumana, uMbuza uzwakale ememeza igama likaSithole.

UMabuza utshele iDaily Sun ukuthi: "Ngimtshelile ukuthi angilazi nokulazi isoka lakhe.

"Ngabalekela emgwaqeni kodwa wangifica wangiphoqa ukuthi ngikhumule isiketi. Waqhubeka nokungishaya."

Kule video uSithole utshelwa ukuthi akhumule. UMabuza ube esemjoja esithweni sangasese ngenduku.

USithole uthe: "Angikwazi nokulala ngenxa yezinhlungu esithweni sami sangasese. Ngizwile ukuthi usephumile ejele futhi lokho kuyangiyacasula. Ngizomthola."

UMabuza uthe akaphathekile kahle ngakwenza kanti futhi usathutha.

"Angiziqhenyi ngengikwenzile kodwa wajola nesoka lami. Ngasuke ngathatheleka phezulu kodwa angisiye umuntu wesifazane omubi."

Okhulumela amaphoyisa aseTonga uLieutenant Mzwandile Nyambi uthe uMabuza waboshwa, wadedelwa ngebheyili ngoMsombuluko.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.