Osolwa ngokwakha itulo lokubulala uMengameli Zuma uthi ukhungathekile

2017-09-11 16:00

Johannesburg – Owesilisa osolwa ngokuthumela izincwadi ezinkampanini ezehlukene efuna ukuqhuba itulo lokuthi kubulawe labo abahlomula kwiState Capture, uthi ukuboshwa kwakhe nokuvela enkantolo kumshiye ekhungathekile.

"Kungimoshela isikhathi konke lokhu ngoba nginezinto zami okumele engabe ngiyazenza, ngiphile impilo,” kusho u-Elvis Ramosebudi etshela izintatheli ngemuva kokuvela eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoMsombuluko.

"Kumele ulandelwe umthetho, akukho okuningi engingakusho ngaphandle kokuthi ngilindele umphumela,” kusho uRamosebudi engxoxweni emfushane abe nayo nezintatheli ngaphandle kwenkantolo.

UMbuso umbeke icala elisha lokufaka umoya wokuthi kubulawe.

Nokho, ummeli kaRamosebudi, uMotebang Ramaili, utshele inkantolo ukuthi leli cala elisha ayikho indaba yalo ngoba kalikho vele.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngokwakha itulo lokubulala amalungu eKhabhinethi

URamaili ucele inkantolo ukuba ilihlehlise icala ukuze akwazi ukuliqonda leli cala elisha elibekwe ikhasimende lakhe, aphinde abhunge nalo ngalo.

Umshushisi uJohan Badenhorst uthe uMbuso ukulungele ukuqhubeka nalolu daba kanti futhi nofakazi sebekulindele ukwethula ubufakazi.

URamosebudi waboshwa ngomhlaka-26 Ephreli nonyaka ngecala lokwakha itulo lokubulala, elibe seliyaguqulwa lenziwa elokuhlohla abantu ukuba babulale.

Labo ekuthiwa bahlomula kubanjwa uMbuso ngobhongwane kubalwa uMengameli Jacob Zuma, amalungu amane omndeni wakwaGupta, ongqongqoshe abathathu kanye noyiNhloko yeNational Prosecuting Authority (NPA).

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.