Osomatekisi bayaveva ngokwebiwa kwamatekisi e-KZN

2017-03-18 08:30

Durban - Isiphenduke umkhuba ongemuhle indaba yokwebiwa kwamateksi kwaZulu-Natal nokungumkhuba okuthiwa ujwayele ukwenzeka kakhulu entwasabusika.

Abanikazi bamatekisi bathi isiyabacika le ndaba yokugetshengwa kwamatekisi abo.

UMandla Mzelemu okhulumela iSantaco, KwaZulu-Natal, uthe bacela amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla ukuthola amatekisi amathathu adunwe ngoLwesithathu kulesi sifundazwe.

"Kusiphethe kabi ukuthi izimoto zethu nabagibeli kuyadunwa njalo uma kungena ubusika. Ukudunwa kwemoto kuhlukumeza abagibeli ngoba izigelekeqe zibakhomba ngezibhamu zishaye nabashayeli bethu," kusho uMzelemu.

OLUNYE UDABA:Kulimale 15 wabantu kushayisana amatekisi e-KZN

UMzelemu ugqugquzele abanikazi bamatekisi ukuthi bavuke ngovivi bagade umsebenzi yonke indawo lapho kuhamba khona amakhumbi abo ukuze kuphephe abagibeli nabashayeli.

NgoLwesithathu umshayeli waseChartsworth ushiye abagibeli wabaleka ngesikhathi ekhonjwa ngesibhamu ngamadoda amise itekisi azenza agibeli eClairwood.

Abagibeli baphangwe imali namaselula ngaphambi kokuthi bayolaxazwa eMlazi ngetekisi. Eyesibili itekisi idunwe eDarnall kanti sekuvele ukuthi isebenza ngaphansi kwamuphi usoseshini waKwaDukuza.

Itekisi yesithathu idunwe elokishini eZamani, KwaDukuza, kanti akwaziwa ukuthi ikumuphi usoseshini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe amacala okudunwa kwezimoto amabili kwaDukuza kanti akukaboshwa muntu.

-Thola udaba oluphelele kuSolezwe 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.