Osomatekisi KwaNdengezi bayakhala ngezinkabi ezibaqothayo

2018-04-25 12:31

eThekwini - Abashayeli bamatekisi kwaNdengezi banxusa amaphoyisa kanye noMnyango wezokuThutha ukuba ungenelele ekulwisaneni nodlame lwemizila.

Abanikazi bamatekisi eThekwini bathi kunesigejane sezinkabi ezibahlaselayo.

Lokhu kukhala kulandela isigameko saseMamdekazi eMariannhill lapho kuhlaselwe khona amatekisi amathathu angaphansi kukasoseshini iKwaNdengezi Taxi Association asala ezimbobombobo yizinhlamvu.

Kushone umgibeli oyedwa kwalimala kabi ababili kulesi sigameko esenzeke ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: OKlebe babophe izisebenzi zenkampani yonogada kwesokwebiwa kuka-R30m 'kubanjwa inkunzi'

USihlalo weNational Taxi Alliance uJabulani Mazibuko uthe: “Abahlaseli yiqulu lamadoda elizama ukuthatha ngodli umzila.

"Bashise izimoto zikasihlalo kasoseshini ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Le nkinga sayibika kuMnyango wezokuThutha kodwa asikaze sisithole isisombululo."

UNomvula Mkhize, 30, ohlala eduzene nalapho okwenzeke khona lesi sigameko, uthi bekungathi ubukela ifilimu.

"Kubuhlungu okwenzekile ngoba kulimala nezakhamuzi ezingenacala ngezimpi ezingahlangene nazo."

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uColonel Thembeka Mbhele uthe kuvulwe amacala okubulala kanye nawokuzama ukubulala ngalesi sehlakalo esenzeke emgwaqeni u-Old Richmond.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.