Osonhlalakahle baqambe amanga ngokushona kwengane, bayidayisa

2018-04-27 09:35

Ghana - Osonhlalakahle ababili eGhana bayaphenywa ngokuqamba amanga ngokushona kwengane abajike bayidayisa ngenani lika-$3 600.

Ngokubika kwe-GhanaWeb, laba basolwa okuyi-probation officer kanye ne-justice administration officer - bazivumele ngokwabo ukuba badayisela izithandani zakwelinye izwe ingane.

Laba beba ingane kumama owayefuna usizo kuMnyango wezeNhlalakahle esifundazweni sase-Ashanti ngemuva kokuba isoka lakhe limlaxaze esakhulelwe.

Ngosuku olwandulela ukubeletha kwakhe emtholampilo ozimele wabakhukelwe eKumasi, laba basolwa bathatha ingane kumama wayo enganakile bathi udinga imishanguzo ekhethekile ngoba inamaqhubu emzimbeni.

OLUNYE UDABA:Ubuyela enkantolo osolwa ngokubulala uKarabo Mokoena

Baqamba amanga kumama wayo bathi bayihambise kwesinye isibhedlela ukuze isizakale. Babuya ngokuhamba kwesikhathi sebebika ukuthi ingane ishonile.

Abe-BBC bathi laba bahambisa ingane ekhaya lezingane nokuyilapho eyafike yafakwa khona endalini.

"Laba kabazange baveze ubufakazi bokuthi ingane ishonile, kodwa bakwazi ukwenza umama wengane akholwe ukuthi ishone ngempela ingane kanti umsolwa oyedwa wagcine esemthatha lo mama ukuthi ahlale naye izinyanga ezimbili,"kusho umbiko.

Kuthiwa ingane yadayiswa ngo-Febhruwawi bahlukaniselana imali.

Le ngane ize yatholakala ngesonto eledlule, futhi ibinakekelekile.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.