Othisha 'bajola' udede nabafundi

2017-06-06 10:23

Durban – Sikhulu isililo ngothisha abajola udede nabafundi eBiva High School, eJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal njengoba kunomzali – esiligodlile igama lakhe ukuvikela isithunzi sengane – othi useze wavula icala icala emaphoyiseni aseJozini efuna kuboshwe uthisha ojola nendodakazi yakhe eneminyaka engu-16 – ngecala lokudlwengula.

Lo mzali obebhodla umlilo, uthi lo thisha uzivumile izono zakhe phambi komhloli naphambi kwakhe kodwa uMnyango wezeMfundo kawukammisi emsebenzini, kubika ILANGA.

Lo thisha kuthiwa ufundisa uGrade 10 ekilasini okufunda kulona le ngane okubikwa ukuthi ujola nayo.

Umzali uthi uzwe ngomunye umzali mayelana nokujola kwendodakazi yakshe nalo thisha kanti naye lo mzali udalula lolu daba nje, yingoba ubekhathazekile ngengane yakhe ebingabuyi ekhaya kanti isuke iqhethe nalo thisha.

“Udaba seluvela ngokuthi eyami ingane nengane yalo mzali zike zalwa zibanga lo thisha ebezijola naye. Ngiqoke ukuyimisa esikoleni ngoba ibisiqala ukuba yisigebengu, kangizwani nesigebengu sentombazane esijola nothisha,” kuchaza lo mzali.

Uthi kube nimhlangano lo thisha wabuzwa ngomjolo wavuma waxolisa.

Kuthiwka ingaphezulu kuka-7 imizi enezingane ezijola nothisha bese zisatshiswa ngokubulawa uma zike zakhuluma.

Okhulumela uMnyango e-KZN, uSicelo Khuzwayo, uthe bazoluphenya ngalolu daba.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.