Owayeyilungu leBoom Shaka usengumvangeli

2017-09-21 13:59

Johannesburg - UTheo Nhlengethwa owayeyingxenye yeqembu elalithandwa kakhulu, iBoom Shaka, useveze ukuthi ngemuva kokuwa evuka, ubizo lwakhe sekuyilo olumholayo manje.

UNhlengethwa uthi sekuphele cishe iminyaka eyishumi evakashela izibhedlela eshumayela izwi likaNkulunkulu.

Uthi lolu akubanga wuhambo olulula njengoba naye eseke wazithola engeniswa ezibhedlela exinwa wukukhathazeka nokuyilapho athola khona ukuthi une-thrombosis (ukuba namahlwili egazi emithanjeni).

Uthi lokhu kwamthusa kakhulu, kodwa akafunanga ukuthi lesi simo simthene amandla.

“Ngazitshela ukuthi uNkulunkulu uyena ozongilulamisa,” kusho yena.

Uthi kuningi okwadingeka ukuthi abhekane nakho ngaleso sikhathi njengoba wayengena ephuma ezibhedlela nokuyilapho athola khona ukuthi imiphumela yokuqala yayingelona iqiniso.

OLUNYE UDABA:Owesilisa uzitholele umsebenzi ngokufana noMandoza

Ngokwakhe yena uthi ukholelwa ekutheni uNkulunkulu owaguqula izinto.

Uthi lokhu kumenze wafisa ukukhuthaza ezinye iziguli, azinike ithemba lokuthi zisengaphila.

UNhlengethwa uthi manje usehambela izibhedlela eziningi ephuma engena emawadini ahlukahlukene enikeza iziguli amaBhayibheli nokudla komphefumulo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.