Owadala isibhicongo sengozi eyenzeka ePeters ubhekene nohide lwamacala

2017-02-16 11:05

Durban - Owesilisa waseMnambithi ulahlwe amacala angu-12 ahlanganisa awokubulala, ukuzama ukubulala kanye nokulimaza impahla.

UThemba Mvelase, oneminyaka engu-30 ubudala, uzogwetshwa yinkantolo yaseRimsgate High Court ngoLwesine.

Ngonyaka ka-2014 uMvelase wadubula abantu abebesemotweni yohlobo lweMercedes Benz lapho kwashona oyedwa kwalimala kabi abanye abagibeli abane.

OLUNYE UDABA:Uquleke washona umbulali esebanjwa ngemuva kweminyaka engu-12

Ngokwemibiko evela emaphoyiseni, imoto yohlobo lweMercedes Benz ibihamba ngasePeters eMnambithi ngesikhathi ilandelwa yimoto engaziwa. Umsolwa udubule wabhekisa kule moto kwashona oyedwa kwalimala kabi abantu abane.

Kulesi sigameko kudaleke ingozi ephume nemiphefumulo. Ngesikhathi umsolwa edubula ebhekise emotweni, bekunetekisi ebizama ukuvika lesi sigameko kanti izoshayisana neloli.

Abantu abane abebegibele etekisini bashonele khona lapho kanti abanye abane bashonele esibhedlela ngenxa yokulimala kabi.

Imoto ebisebetshenziswa wumsolwa kulesi sigameko yatholakala kwaNobamba ivutha amalangabi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.