Owaduba umsebenzi wePirates usazimisele ngokuqeqesha iBafana

2017-02-15 16:01

Johannesburg - Phambilini, lowo owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates watshela iSoccer Laduma ngonyaka odlule ukuthi angathanda ukuqeqesha iBafana Bafana.

Kodwa ngaleso sikhathi iSouth African Football Association (SAFA) yayino-Ephraim ‘Shakes’ Mashaba nokwenza uMuhsin Ertugral wangasibona isidingo sokumfakela ingcindezi.

U-Ertugral wayeqeqesha iMpumalanga Black Aces ngaleso sikhathi futhi nezinto zazimhambela kahle ku-Absa Premiership.

Kulandela ukuqeqesha kwakhe i-Orlando Pirates ngasekuqaleni kwesizini, lo mqeqeshi waseTurkey usezimisele ngokuqeqesha iBafana, njengoba namanje engenalo iqembu aliqeqeshayo kulandela ukushiya iBhakabhaka ngoNovemba.

Imizamo ye-SAFA yokuthungatha umqeqeshi omusha weBafana iyaqhubeka, kulandela ukuxosha kwayo uMashaba ekupheleni konyaka odlule.

OLUNYE UDABA: Bahlela ukuyiduba imidlalo yePirates abalandeli 

U-Ertugral ungomunye wabaqeqeshi abafake izicelo zokuqeqesha iBafana.

“UMuhsin Ertugral ufake isicelo sokuqeqesha iBafana Bafana. Ungomunye wabaqeqeshi engibahloniphayo ngolwazi analo ngomsebenzi wakhe. Ungumuntu ongathembela kuyena ngoba uyabona izinto uma zisangahambi kahle.

“Njengoba abantu bekhuluma ngombono weqembu lesizwe ka-2022, angangena khaxa kulolu hlelo ngenxa yothando lwakhe lokusebenzisana nabadlali abancane,” kusho umthombo.

 - Soccer Laduma

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.