OwakwaGcaba ubophisa uMasipala weTheku

2016-07-14 20:30

Durban - Bekubonakala sengathi kunokubuyisana phakathi kukamasipala weTheku kanye nenkampani yamabhasi iTansnat, kodwa kukhona isikweletu esingakakhokhwa, kubika iThe Mercury.

Umphathi weTansnat uMandla Gcaba usola lo masipala ngokuguqula isivumelwano sabo kanti uthe bazithathela umthetho ezandleni zabo.

OLUNYE UDABA:Kushone 1 kwalimala 100 kushayisana amabhasi eGoli

UGcaba uhlele ukufaka isicelo esiphuthumayo enkantolo enkulu yaseThekwini ngesonto elizayo lapho efuna ukuhlawulisa uMasipala ngemali elinganiselwa ku-R132 miliyoni.

Uthi le mali ngeyemisebenzi uMasipala amkweleta yona nangakaze akholelwe yona ngezinsiza zokuthutha ngamabhasi.

Uthi le mali bekumele ikhokhwe kwi-akhawunti eyavulwa yaphathwa ithimba ebelingenelela kwizinxabano kanti ibiyisinxephezelo sesivumelwano abasenza nalo masipala ngenyanga kaMashi kulo nyaka.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.