OwakwaGupta ugxeke uNgqongqoshe ngokuhubhuza amanga

2017-02-10 18:01

Johannesburg – Osomabhizinisi oyilungu lomndeni oyiziqumama ohlale usematheni, abakwaGupta, nokungu-Ajay Gupta, uthi akakaze ahlangane noSekela Ngqogqoshe wezeziMali, uMcebisi Jonas, emaphepheni asenkantolo awafake eNorth Gauteng High Court, eTshwane, ngoLwesihlanu.

Le ncwadi efungelwe yasenkantolo ya-Ajay Gupta ibiphendula umkhankaso wasenkantolo waPravin Gordhan nofuna ukuvikelwa yinkantolo ukuze angaphoqwa abakwaGupta ukuthi angenelele odabeni lokuvalwa kwama-account asebhange ebhizinisi lomndeni wakwaGupta, i-Oakbay Investments.

OLUNYE UDABA: AbakwaGupta baphika eyokuthembisa uMcebisi esikaNene

Kusukela lapho bekulokhu kunomdonsiswano wasenkantolo phakathi kwe-Oakbay Investments kanye noGordhan.

U-Ajay Gupta ugadle kuGordhan mayelana nezinsolo zokuthi abakwaGupta bamnunusela ngesikhundla sokuba ngungqongqoshe wezezimali baphinde bamthembisa nemali ngaphezulu uma ezokwenzelela lo mndeni.

Encwadini yaseNkantolo, uGupta ukhala ngokuthi akakaze ahlangane noJonas.

“Iqiniso ukuthi uMnumzane uJonas, ngenhlonipho, akathembekile ngokusobala uma ethi wahlangana nami noma athi ngahambela umhlangano naye.

“Sengiphonsele inselelo uMnumzane uJonas, futhi ngiyakwenza futhi, ukufakazela ukuthi wahlangana nami njengoba kusolwa,” kusho uGupta.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.