OwaKwaMaphumulo umithise indodakazi walala nomzukulu

2017-06-01 14:06

Durban – Kuhlwe emini weswela umgodi wokucasha owesilisa, 54, waseMthandeni, KwaMaphumulo, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngesikhathi ekhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokudlwengula ephindelela indodakazi yakhe, 30, waze wayikhulelisa izingane ezintathu.

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseNsuze lona wesilisa, esiligodlile igama lakhe ukuvikela indodakazi nezingane zayo, okuvela ukuthi zizalwa nguyena umsolwa – okungeneminyaka engu-11, 8, nenonyaka izelwe.

Kuthiwa le nto iyaziwa ngamalungu omndeni nomakhelwane kodwa akekho ofuna ukuyikhuluma ngenxa yokuthi umsolwa yibhubesi.

ILANGA lithole ukuthi inkosikazi kamsolwa yehluleke nokuzibamba amaphoyisa embopha, yakhala ngokuthi bazobulawa yindlala uma ebopha umyeni wayo.

OLUNYE UDABA:  Ngalala nendodakazi yami,11 - Ubaba

Inkosikazi yalona wesilisa ozphilisa ngokukhanda izimoto, kuthiwa itshele amaphoyisa ukuthi udaba sebelukhulumile bewumndeni, umyeni wathembisa ukuthi ngeke asayidlwengula indodakazi yakhe.

Kuthiwa inkosikazi ibiyazi okuqhubekayo, yazi nokuthi abazukulu bayo ngabomyeni wayo.

Ngokuthola kweLANGA ngemithombo yalo, umsolwa uqale ukudlwengula indodakazi endala isencane, waze wayikhulelisa ingane eneminyaka engu-11 ubudala. Ubekwenza lokhu inkosikazi ikhona egcekeni, kwesinye isikhathi bekuthi uma esefuna ukugila le mikhuba ayixoshe inkosikazi egcekeni.

Ebusuku kuthiwa ubeyishiya ilele ekamelweni lakhe ayolala kwelendodakazi aze abuyele ekuseni. Kuthiwa umsolwa ubeseqalile odlwengula umzukulu/indodakzi eneminyaka engu-11.

Inkosikazi nendodakazi nab obese bazi ukuthi udlwengula ingane kodwa besaba ukungenelela.

Thola udaba oluphelele kwi-LANGA.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.