Owalahlwa yicala uzophinde azimele kwelokudlwengula

2016-07-01 11:31

Johannesburg - Olahlwe yicala lokudlwengula uvele phambi kweNkantolo yeMantshi yase-Itsoseng eNorth West ngoLwesine ephethe inqwaba yemiqulu, elungele ukuzivikela futhi kwelinye icala lokudlwengula abhekene nalo.

UNaledi Mojahi‚40‚ utshele inkantolo ukuthi uzoqhubeka nokuzivikela. Usolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka eyisikhombisa ubudala e-Itsoseng.

Kuthiwa wabizela ingane egaraji wafike wayidlwengulela khona.

Ngokwamaphepha afakwe enkantolo, ugogo wengane wayizwa ikhala waphuthuma khona wafica uMojahi‚ owaziwayo emndenini, ephezu kwengane.

Funda nalolu daba: Uzale ingane waseyihlahlela ngocelemba

UMojahi ubukeke edumele ezwa imantshi ithi iyalihlehlisa icala.

Icala lizobuyela enkantolo ngoSepthemba 2.

UMojahi phambilini walahlwa yicala lokudlwengula wagwetshwa iminyaka engu-12 ubudala, kubika iSowetanlive.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.