Owase-KZN ukhala ngomqashi ongafuni nomazisi wakhe

2016-05-06 14:32

Durban – Owesifazane wasoLundi, enyakatho neKwaZulu-Natal uthi uyomkhohlwa efile umqashi wakhe abemsebenzela eChatsworth, okuthiwa kumanje unqaba nomazisi wakhe.

UThandeka Zungu, 20, othi ubengumsizi wasendlini uthi izinkinga ziqale ngesikhathi umqashi wakhe wesifazane engafuni ukumdedela aye kadokotela egula.

“Bese kuphele amasonto amabili ngisebenzela umqashi wami konke kuhamba kahle. Izinkinga ziqale ngesikhathi ngihlatshwa ukugula wase enqaba ukuba ngiye kadokotela,” esho.

Uthi kwaze kwafika udadewabo wamthola esequlekile, esephelelwe amandla.

Uqhuba ngokuthi wathi efika emsebenzini umqashi wacela ukubona umazisi wakhe khona ezoqinisekisa iminyaka yakhe.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ozame ukusebenzisa umazisi womunye

“Kumanje ugweve nomazisi wami akafuni ukuwubuyisa, uma ngiwucela ushona ezintangeni,” kusho uZungu.

Uthi umqashi wakhe uthe wazana nabantu abaphezulu futhi noma angamvulela icala emaphoyiseni ngeke liye ndawo.

Uthi akaholelwanga ngisho imali yezinsuku abesezisebenzile.

Thola udaba oluphelele ephephandabeni iLANGA.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.