OwaseMfekayi kusolwa ukuthi ubulewe kuqala ngaphambi kokushiswa

2017-09-21 18:00

Durban  - Amaphoyisa akwaMsane aphenya icala lokubulawa kukaVusiwe Elizabeth Zikhali, 58.

Lo wesimame kusolakala ukuthi ubulewe, kwase kushiswa isidumbu sakhe endaweni yaseMfekayi ngaseMdungandlovu High School.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngeSonto ekuseni ngo-5:00.

Ngokubika kwephephandaba i-Zululand Observer udadewabo kamufi uphume waya endlini encane. Esebuya ubona intuthu ephuma egumbini likadadewabo.

OLUNYE  UDABA:Umphakathi uzofaka isandla kufihlwe ingane eshone engozini

Uphuthume wayohlola ukuthi kwenzenjani, nokuyilapho ebone isidumbu sikadadewabo sidindilizile sesisha.

Usithele ngamanzi ezama ukucima umlilo nokulapho okubonakale khona ukuthi umufi ulimele kabi kanti futhi ubephuke umlenze wangakwesokudla.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko kanti amaphoyisa ayaphenya.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.