OwaseMpangeni osefundisa eChina uthi uzenzela wena ikusasa lakho

2018-05-09 18:04

Durban - Owesifazane oneminyaka engu-27 ubudala owazalelwa wakhulela endaweni yaseMpangeni, eSikhaleni KwaZulu-Natal usenguthisha eChina lapho afundisa khona odado ulimi lwesiLungu.

UNontobeko Mnyandu ongomunye wezingane ezintathu ezigogode ezifundweni zemfundo ephezulu neyodwa esafunda emndenini wakhe wezingane ezingu-10.

UNotobeki wenze unyaka wakhe wokuqala eDurban University of Technology ngo-2008 ngemuva kokwenza umatikuletsheni wakhe ngo-2007 waze wagogoda ngo-2011 ezifundweni zakhe ze-Translation and Interpreting Practice (ND:TIP) waphinde wenza ne-BTech kuzo lezi zifundo, kuthe ngo-2012 wenza iMasters Degree ezifundweni zeLanguage Practice, waze wagogoda ngo-2016.

Uthi ukufunda bekungekho lula njengoba ephuma emndenini obekunomuntu oyedwa osebenzayo kunguye obhekelela yonke into endlini, beyizingane ezingu-10. Ngakho ukuya kwakhe esikoleni kwakunzima ngoba ubaba wakhe nguye owayebeka isinkwa etafuleni enakekela wonke umuntu, wonke umunt ebheke yena.

Lokhu kwadala ukuthi kungabi yizo zonke izingane ezifika emfundweni ephezulu ngemuba kukamatikuletsheni. Uthi nakuba isimo singanjani ekhaya ubona uikuthi umuntu uyazakhela yena ikusasa lakhe. Ukuthi uphuma emndenini onjani lokho akuchazi ukuthi ikusasa lakho angeke liqhakaze noma libe lihle.

OLUNYE UDABA:Uthisha ogula izinsuku ezingu-101 ngonyaka

Le ntokazi yakwaMnyandu ethi kudala ifisa ukuya phesheya kwezilwandle, ithi kusukela ngo-2012 yaqala ukufundisa ibambele omunye wothisha owayengemuhle ngokwempilo isikhathi eside eDurban University of Technology.

Uthi yilapho aqala khona ukufundisa izingane kuwo lo mkhakha abefunda kuwo waze wathola umsebenzi wokufundisa abafundi wesikhashana eWriting Centre, eDUT, okuyinto eyamsiza kakhulu eklutheni athole olunye ulwazi ikakhulukazi kwi-Research nokuxhumana nabanye abantu bakweminye imikhakha, ngicabanga ukuthi yikho okwangisiza kakhulu.

Nakuba ngingazenzanga izifundo zokuba wuthisha kodwa ngibona ukuthi kusukela emandulo kwakuwubizo lwami. NgoJulayi ngo-2017 ngenza iCertificate in English Language Teaching to Adults (CELTA) esikoleni inyanga eyodwa eDurban Language Centre okuyisitifiketi esigunyazwe enyuvesi iCambridge University.

Ngaqala ukufuna umsebenzi wokufundisa phesheya kwezilwandle ngaphambi kokuba ngifunde eDurban Language Centre ekufakeni kwami lezi zicelo nakhona kwakunzima ngoba ngangibuye ngingaphendulwa abanye bagcine ngokungenzisa inhlolokhono kugcine lapho.

Nakuba ezinye izicelo zazingaphumeleli angizange ngiphele amandla, ngaqhubeka nokufaka izicelo zomsebenzi, ngaze ngagcina ngiphumelele, njengamanje ngifundisa izingane ezin yeminyaka engu-3 ubudala kuya kwezineminyaka engu-13 ubudala.

Kona kunzima ukufundisa izingane ezincane ngoba zidinga ukunakwa kakhulu, ezinye ziyakhala zifuna ukuba nabazali bazo kodwa kufanele ube nesineke futhi wehlise nomoya zize zijwayele ukuthi zisesikoleni manje ziyafunda.

Isipiliyoni sokufundisa ngasithola ngokusiza izingane zasekhaya, okungabashana bami, ngizisiza ngomsebenzi wesikole wasekhaya(homework) ikakhulukazi owesiNgisi kanye nokufundisa e-DUT.

Kungisizile ukufunda kwami ngaba neziqu zokufundisa phesheya kwezilwandle nakwiLanguage Practice njengoba sengithole lo msebenzi wokufundisa.

Ngibonga kakhulu umndeni wami ngokungeseka kusukela ekuqaleni njengoba sengila.

Umsebenzi ngawuthola ngoJanuwari kube nzima kumama wami ukuzwa ukuthi ngithole umsebenzi kude kagaka, Nakuba bekunzima kuye nguye futhi ibengisiza ngemali yokwehla ngenyuka ngilungisa amaphepha okuwelela ngapha eChina. ngiyamukhumbula kakhulu.

"Ngifika eChina bekungemnandi, ngicwaseke kakhulu, kuthiwa "uthisha omnyama", kuthe sengifake i-eweave kwathi ukuba ngcono angazi noma izinwele yini ebeziyinkinga, kusho uNontobeko ehleka."

UNontobeko esephetha, uthe isifiso sakhe ukusebenza emazweni ahlukahlukene. Ngalokho-ke, uthi akahlehlile ukuhlala isikhathi eside eChina, usadlulela phambili futhi ufisa nokuthi ubaba wakhe ubesaphila ezobona indodakazi yakhe iphakamisa ifulegi laseNingizimu Afrika eChina.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.