OwaseMtuba usolwa ngokugwaza abulale umyeni wakhe

2017-09-07 14:04

Nkombose - Owesilisa oneminyaka engu-74 ubudala kuthiwa ugwazwe wabulawa ngunkosikazi wakhe eMtubatuba, KwaZulu-Natal.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, lo mlisa waseNkombose utholakale edindilizile ekamelweni lakhe etholwa yindodana yakhe ngoLwesibili ebusuku.

Indodana yakhe ifike ekhaya ibuya edolobheni yahlangana nomama wayo ephuma endlini ebaleka.

Ngesikhathi iyongena ekamelweni labo, ithole ubaba wayo elele phansi opha engasakwazi nokukhuluma.

OLUNYE UDABA:Indoda 'ibulale' unkosikazi kubangwa ikhondomu esisebenzile

Lo mlisa uphuthumisa ubaba kwakhe emtholampilo kwaMsane ngeshwa washonela endleleni.

Kuthiwa lo baba ubenamanxeba ambalwa okugwazwa esifubeni nasebusweni.

Unkosikazi wakhe uzinikele emaphoyiseni akwaMsane wabekwa icala lokubulala, kubika iZululand Observer


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.