Owayedlalela iChiefs weseka ukudedelwa kwabadlali ababili

2017-02-05 17:00

Johannesburg - Njengoba ziqhubeka izingxoxo zokudabula inkontileka yezihlabani ezimbili zeKaizer Chiefs, lowo owayengumgadli kuleli qembu uMike Mangena, weseka isinqumo seqembu sokudedela uSiphelele Mthembu no-Edward Manqele.

IChiefs ikuqinisekisile ukuthi ixoxisana nalaba badlali ngoLwesibili ngenxoso yokubadedela, kanti uMangena uyasiseka lesi sinqumo, njengoba ethi kufanele sithathwe uma ubuka indlela abadlale ngayo laba badlali kuze kube manje.

“Noma yiphumi umqeqeshi angakwenza lokho (ukudedela uMthembu noManqele),” kusho uMangena,

“Uma ubuka ukuthi yini asebeyenzile selokhu bajoyina iChiefs, ayikho.”

OLUNYE UDABA: Sizozama ukugwema ihlazo - OweDowns

Phakathi kwabo, uManqele noMthembu basashaye amagoli amathathu babanesandla kwamabili emidlalweni engu-66 bedlalela iChiefs, nokuyinto uMangena ayibona njengekhathaza kakhulu.

“Njengomgadli, wehlulekwa ngamagoli owashayile nobenesandla kuwona,” usho kanje.

“Amagoli iwona abalwa kakhulu, kanti uma lokho kungenzeki, kungani kumele ubadlalise? Mhlawumbe kumele bahambe bayokwenza okunye kwamanye amaqembu."

 - Soccer Laduma

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.