Owayedlalela iPirates usethathwe yiPolokwane – umbiko

2017-01-05 18:11

Cape Town - IPolokwane City kulindeleke ukuba iqinise isikwadi sayo phambili ngokuthi isayinise umgadli osenesipiliyoni, uTlou Segolela.

Lo mdlali ogijima ohlangothini esiswini, nowayedlalela amaqembu afana nePlatinum Stars kanye ne-Orlando Pirates, uthathwa njengomunye wabadlali abenesivinini esikhulu kwasebeke badlala esigabeni sePremier Soccer League (PSL) kodwa izinto bezilokhu zingamhambeli kahle ngenxa yokungabi namgqigqo kanye nokulimala eminyakeni eyedlule.

OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs icathamela umgadli we-Orlando Pirates

Kodwa-ke ukujoyina iCity kungalivuselela ikusasa lika 'Sox' njengoba ezobe egijima nabadlali abafana noRodney Ramagalela kanye noPuleng Tlolane, abadlala ibhola elihlaselayo.

Ngokombiko weKickOff, lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala, noseke wawina iligi, usenze isivumelwano neRise and Shine kanti sizomenyezelwa maduzane yileli qembu elihleli endaweni yesihlanu ku-log.

USegolela useshaye amagoli angu-21 waphinde walekelela ekushayweni kwamagoli angu-23 emidlalweni engu-163 ebholeni elisezingeni eliphezulu kanti uza nesipiliyoni esikhulu njengoba eseke wadlala nakuCAF Champions League.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.