Owayedlalela iSundowns uchithwe elePSL ezozoma inhlanhla

2017-07-24 11:04

Johannesburg – Lowo owayengumdlali ogijima ohlangothini esiswini kuMamelodi Sundowns, uhlulekile ukuzitholela indawo kwiPlatinum Stars ngemuva kokwenza inhlolokhono kuleli sonto, kubika iKickOff.com.

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala wasayina nompetha beTelkom Knockout, iCape Town City, kodwa wakwazi ukudlala imidlalo emibili nje kuphela ngaphansi kwalowo owayengumqeqeshi wayo, u-Eric Tinkler, ngaphambi kokuba akhululwe ngo-Ephreli ngalokho okwathiwa ngaleso sikhathi ‘izizathu zakhe’.

Kodwa-ke manje, umthombo weKickOff.com ongaphakathi kwiDikwena, uthi uNomandela  ubephakathi kweqeqebana labadlali ebelinikwe ithuba lokuthi lichaze iStars kodwa ogcine ekhonjwe afike ngayo ngemuva kokwaziswa ukuthi akaphumelelanga.

OLUNYE UDABA: Umgadli weChiefs usesayinwe elaseKZN

Umsizi kamqeqeshi wePlatinum Stars, uMilton Dlamini, ubengafuni nokuthi vu mayelana nenhlolokhono yalo mdlali kodwa wavuma ukuthi uNomandela akasaziqeqeshi nekilabhu.

“Angivumelekile ukuphawula ngalokho. Mhlawumbe kumele ubuze umdlali ngokwakhe ngoba angivumelekile ukudalula ukuhlolwa kwakhe kwabezindaba njengoba kusamele athole umsebenzi kwenye indawo. [Kodwa yebo] ubenathi kodwa usehambile. Yilokho konke engingakusho,” usho kanjalo etshela iKickOff.com.

Omunye umthombo ongaphakathi kwiDikwena nawo uphinde waqinisekisa ukuthi uNomandela usehambile kuleli qembu, Uthi ubekade ekhona eqenjini kodwa babona engasekho.

“Ubekade ela eqeqesha nathi ezinsukwini ezintathu ezedlule kanye nayizolo, yena kanye nabanye abadlali badedeliwe.”

IKickOff.com ithinte uNomandela ngalokhu kuhlolwa kwakhe eRustenburg kodwa wangatholakala ukuba aphawule. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.