Owayegane iphoyisa ukhala ngokuthi lisamhlukumeza namanje yize sebahlukana

2017-11-14 09:32

eMpumalanga - Intokazi eneminyaka engu-25 ubudala yakwaNyamazane ngaseMbombela eMpumalanga ithi sekuphele iminyaka emine isemshadweni ohlukumezayo nomyeni, 34, oyiphoyisa.

Le ntokazi ithi le ndoda yayiphila ngokumshaya imhlukumeza futhi isabisa ngokuthi izomsakaza ubuchopho ngesibhamu somsebenzi.

Uthi yize athola isibindi sokuhlukana namyeni wakhe, ukuhlukumezeka akugcinanga lapho ngoba ngisho namanje isamlandela imhlukumeza.

Uthi wahlangana naye ehamba nabangani bakhe, wamtshela ukuthi abahambe bonke azothatha ezinye zezimpahla zakhe azishiya.

“Wayezothile futhi ephansi ngaleso sikhath, ngathemba ukuthi usho ngesihle, ngavuma ngangena emotweni. Ngathi ngiqeda kungena wangitshela ukuthi ngivale umlomo wami wakhipha isibhamu.

“Wangitshela ukuthi uma engeke akwazi ukuba nami, akekho ozongithola,”kusho yena.

Uthi lo mlisa wahamba naye emyisa Emfuleni lapho afike amshaya khona, wamkhumula elokhu emthinta isitho sangasese ethi ufuna ukumbulala bese naye ayazibulala.

Uthi wasizwa wukudlula kwetekisi, umshayeli wabona konke okwenzekile wabiza amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke livele enkantolo iphoyisa elisolwa ngokubulala umndeni

Amaphoyisa afika lomlisa esazitika ngaye emshaya.

“Amaphoyisa abiza abosizo lokuqala, ngathi ngizama ukungena kuyo wangihudula ethi uzongihambisa yena esibhedlela, kodwa wangiyisa emzini wakhe.

Leli phoyisa liyilungu lophiko lwe-flying squad eWhite River.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Leonard Hlathi uthi kuboshwe iphoyisa ngecala lokushaya.

Leli phoyisa lingaphandle ngebheyili ka-R2000 kanti lizobuyela enkantolo ngalo Lwesihlanu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.