Durban - Kungase kuphele unyaka esenenkosikazi entsha
uZamokuhle ‘Bhaka’Nzama.
Umthombo osondelene nalezi zithandani uthi uBhaka
usha amashushu ngengoduso yakhe uNoluthando Mbatha waseSweetwaters, eMgungundlovu,
kubika iSOLEZWE.
Ngokombiko wephephandaba, uBhaka kuthiwa usephinde
wayolobola ngo-R30 000 kubo kwengoduso yakhe ngemuva kwenyanga
bethembisene umshado.
Funda nalolu daba: Oxoshiwe uthi kuyamjabulisa ukuthi ukewasebenza oKhozini
Kuthiwa akagcinanga lapho uBhaka njengoba
ngesikhathi kusabatshazwa lokho uvele wathengela ingoduso yakhe unyanyavu
lwemoto yohlobo lweMercedes Benz engabiza u –R600 000.
Iphephandaba lithi ngesikhathi limthinta uBhaka uthe
kusekuncane kakhulu lokhu okubatshazwayo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).