Owayengumdlali webhola udayisa imoto ukuze ezokhipha eyesondlo

2017-06-05 16:01

Johannesburg - Indodana yesinye sezikhulu zePSL esasingumdlali webhola lezinyawo, igama laso eligodliwe ngezizathu zomthetho, kubikwa ukuthi idayise unyanyavu lwemoto yayo yohlobo lwe-Range Rover ngemali engu-R785 000 ukuze izokwazi ukuthola imali yesondlo semali engu-R200 000 yesondlo eyikweleta inkosikazi yayo.

Le ndoda, eyayiyisihlabani sebhola, yayalelwa ukuba ikhokhele umkayo imali kodwa yakwazi ukukhipha imali yezinyanga ezinhlanu kuphela, ngemuva kokucela inkantolo ukuba ithi ukukhululwa emalini yesondlo njengoba ingakwazi ukukhipha le mali, kubika iSunday World.

Kubikwa ukuthi unkosikazi wale ndoda wafaka isicelo sokuthi ikhokhe le mali yesondlo iminyaka emihlanu noma ize iphinde ishade futhi.

Kodwa ezinyangeni ezinhlanu, lesi sihlabani saveza ukuthi asisakwazi ukukhokha le mali ngoba kakusihambeli kahle ngasemasentini.

OLUNYE UDABA:Obejola ufake umyeni enkantolo ngelesondlo

Ngokusho kwamaphepha aseNkantolo eNkulu yaseGoli ngesonto eledlule, umyeni uthe okufunwa yinkosikazi kuphindaphindwa kane emholweni wakhe wenyanga ongu-R60 000 waphinde wamsola ngokufihla eminye imininingwane emayelana neholo kanye nempahla yakhe enkantolo.

Lo mdlali kuthiwa usole inkosikazi yakhe ngokuba nempahla yemali engu-R3 million kwelinye izwe nokuthi yenza ihaba ngomholo wakhe ngemizamo yokuba avalelwe ejele ngokuhluleka ukukhipha kahle imali yesondlo.

 - Phakaaathi

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.