Owayengumethuli we-OPW uveza izizathu ezamenza walaxaza lolu hlelo

2017-11-13 19:31

eGoli - Umethuli wezinhlelo kumabonakude uThembisa Mdoda usebhodlile ngokumenze washiya uhlelo oluyintandokazi ku-Mzansi Magic i-Our Perfect Wedding (OPW).

Le ntokazi ibikhuluma ohlelweni lukaGareth Cliff kuCliff Central lapho iveze khona ukuthi ophrojusa balolu hlelo bebengayazisi.

Ngokusho kukaThembisa, izinto zaqala ukubheda ngesikhathi benezingxoxo zokuvuselela inkontileka yakhe nethimba elihlela umsebenzi.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kushaqeke ababukeli umethuli wohlelo equleka esteji

UThembisa uthi njengoba engusaziwayo ovelele futhi ofundile oneziqu kanye nezindondo ezibonisa umsebenzi wakhe omuhle, ubengazizwa njengomuntu ophathwa ngendlela efanele.

"Uma ngizizwa sengathi angibonwa futhi ngibona sengathi abasenandaba nami, ngizohamba. Ngesikhathi sinezingxoxo kwavele kwangicacela ukuthi ngidinga ukuhamba...njengomuntu owenza izifundo ze-drama futhi owuthandayo umsebenzi wakhe, ngeke ngiqambe amanga uma ngizizwa ngibukelwa phansi," kusho yena.

Le ntokazi ibuye yaveza okuhle okuyivelele kulolu hlelo kwaguqula impilo yayo.

"Bengiluthanda kakhulu loluhlelo. Lungenzele lukhulu njengomuntu wesifazane, njengesisebenzi kwezikaqedisizungu, futhi njengomama.

"Lungenze ngazizwa sengathi kumele ngenzele nabanye okuhle. Ngihlale iminyaka emibili kulolu hlelo nokuyinto engenze ngaba wumethuli oseluphathe isikhathi eside kunabo bonke futhi ngawina nezindondo ezintathu ngalo ngakho-ke ngibone ukuthi ukhona omunye odinga leli thuba ukuze lushintshe impilo yakhe naye," kuqhubeka yena.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.